UJenene Uthi Ukulungele Ukubhekana Ngqo Nobugebengu

Written by on 5 April, 2022

By: Zilungile Mbatha

UKhomishana wamaphoyisa kazwelonke osanda kuqokwa uFannie Masemola uthi amaphoyisa asekuhlomele kangcono ukubhekana nobugebengu kanjalo nokubheduka kodlame ezweni.

U-Masemola uthathe izintambo ngokusemthethweni njengokhomishana wamaphoyisa eNingizimu Afrika, kuKhehla Sitole ekuqaleni kwalenyanga.

Uthi maningi amaphoyisa aseqeqeshilwe ukubhekana nodlame kanye nemibhikisho emphakathini.

U-Masemola uthi nayeke ukulungele ukungena agxile empini yobugebengu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background