UKaunda Unxusa Imiphakathi Ukuthi Ivikele Ingqalasizinda

Written by on 14 June, 2023

By: Xolani Khumalo

UMeya kaMaspala weTheku, uMxolisi Kaunda, usenxuse imiphakathi ukuba ivikele yonke ingqalasizinda ehlinzekwe ngayo ukuze kungabi khona muntu ozoyithikameza.

UKaunda usho kanje kulandela ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi eMlazi eningizimu yeTheku.

Ukuphuka koMlazi water pump 4, kushiye izigceme ekubalwa kuzo uAA, BB kanye no Z zingenawo amanzi iskhathi eside.

UKaunda, uthi nokho-ke sekunenqhubekela phambili ekuxazululeni lenkinga njengoba sesikhona isisombululo sesikhashana sokulungiswa kwalengqalasizinda ebimoshakele.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background