uKaunda uthi bazobhekana ngqo nezinhlangano ezenza ubugebengu
Written by Lethiwe Mdluli on 23 October, 2019
By: Lindelani Mbatha
Umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, usehambe emazwini kamengemli, uCyril Ramaphosa, ukuthi kubhekanwa ngqo nezinhlangano ezifuna ngendluzula amasheya athile ezinkanpanini ezinikezwe umsebenzi ngulomasipala.
uKaunda ukhulume kanjena nabezindaba zeGagasi fm, kanti noRamaphosa washo okufanayo ngesikhathi esesteshini samaphoyisa eNanda enyakatho yeTheku.
uMengameli yena wakubeka ngembaba ukuthi kumele kubhekwane nenhlangano eyaziwa ngaMadela ngokubona.
uKaunda uthi angeke bavume kubekhona abantu abaphula umthetho kuleli.
Listen here:
https://iono.fm/e/761189
Kanti uSihlalo walenhlangano, uThabani Mzulwini, ngesikhathi ephendula uRamaphosa wathi abaholi akumele bahole izwe ngemizwa yabo.
Listen here:
https://iono.fm/e/761191