uKaunda uthi bazobhekana ngqo nezinhlangano ezenza ubugebengu

Written by on 23 October, 2019

By: Lindelani Mbatha

 

Umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, usehambe emazwini kamengemli, uCyril Ramaphosa, ukuthi kubhekanwa ngqo nezinhlangano ezifuna ngendluzula amasheya athile ezinkanpanini ezinikezwe umsebenzi ngulomasipala.

uKaunda ukhulume kanjena nabezindaba zeGagasi fm, kanti noRamaphosa washo okufanayo ngesikhathi esesteshini samaphoyisa eNanda enyakatho yeTheku.

uMengameli yena wakubeka ngembaba ukuthi kumele kubhekwane nenhlangano eyaziwa ngaMadela ngokubona.

uKaunda uthi angeke bavume kubekhona abantu abaphula umthetho kuleli.

Listen here:

https://iono.fm/e/761189

Kanti uSihlalo walenhlangano, uThabani Mzulwini, ngesikhathi ephendula uRamaphosa wathi abaholi akumele bahole izwe ngemizwa yabo.

Listen here:

https://iono.fm/e/761191


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background