UKaunda uthi kuzomele ixazuluwe inkinga yamaBhasi akwa Transnat nabashayeli
Written by Lethiwe Mdluli on 31 August, 2020
Umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, usenxuse inkampani yamabhasi i-Transnat ukuthi ixazulule izinkinga enazo nabashayeli bamabhasi.
UMeya usho kanje ngenkathi ekhuluma nabashayeli bamabhasi kulandela ukuthi bedale isiminyaminya emigaqweni yeTheku namhlanje bepake amabhasi avundla umgwaqo.
I-Transnat uhlale unokungaboni ngasolinye nabashayeli kusukela wathenga amabhasi kamaspala.
Kanti umeya uKaunda uthi lesisenzo asehlukile nokubamba abantu baseThekwini kanye nomnotho wedolobha ngobhongwane enxusa ukuthi baxoxisane nalenkampani ngezikhalo zabo.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Bright Ntuli