Ukhale Ngaphansi uMduduzi KwelamaNazaretha

Written by on 22 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

Inkantolo yomthethosisekelo isisichithile isicelo sikalowo obegaqele ukuhola ibandla lamaNazaretha, uMduduzi Shembe.

uMduduzi oyindoda kalowo owayehola lelibandla eBuhleni phambilini uVimbeni Shembe, wafaka isimangalo enkantolo emvakokuvela kwezindaba zokuthi ubabawakhe uqoke uVela Shembe ukuba kube nguye ohola lelibandla.

Inkantolo yokudluliswa kwamacala yavuna uVela njengomholi ofanele ukuhola lelibandla.

Ngo-2019 uMduduzi wabe esedlulisela lesisinqumo enkantolo yomthethosisekelo njengobake nayo isimchithile nje yathi akakhokhele nezindleko zabameli.

Ngesikhathi kuqhubeka lelicala eThekwini, kwama yonke into njengoba amalunga alelibandla ayephume ngobuningi ukuzokweseka abaholi babo.

Ethula lesisinqumo, uJustice Leona Theron uthi loludaba alunaso isisekelo esinqala sezomthetho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background