Ukhetho Bekungolukhululekile Kuwona Wonke Umuntu – IEC
Written by Mfundo on 5 November, 2021
By: Pamella Majola
Ikhomishana eyengamele ezokhetho i-IEC isiveze ukuthi bangu-12 million abantu ababambe iqhaza bayovota okhethweni lohulumeni basekhaya.
Isikhulu esiphezulu kwa-IEC uSy Mamabolo sithi liyancomeka iqhaza lalabo abavotile njengoba bekhombisa ukubaluleka kwentando yeningi eNingizimu Africa.
U-Mamabolo usho kanjena ethula izibalo zokugcina zokhetho lohulumeni basekhaya, olubanjwe ngoMsombuluko.
Uthi isinqumo sabo sokwethula imishini emisha yokuvota, i-Voter Management Device, kwenze lolu khetho lwaba yimpumelelo, kwagwema nezigameko zabantu abavota bephindelela.
Usekuqinisekisileke nokuthi lolukhetho bekungolukhululekile kuwona wonke umuntu.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.