UKhoza uthi abantu kumele batshengise ubuntu ngalesikhathi
Written by Lethiwe Mdluli on 14 May, 2020
Ungqongqoshe womnyango wezokuthuthukiswa komphakathi kulesfundazwe, uNonhlanhla Khoza, uthi kufanele abantu bebe nobuntu bededele abaswele ukuba kube yibona abahlomuka ngokudla okunikeliwe.
UKhoza usho lokhu njengoba namhlanje ehambele KwaDukuza, ku ward4, ukuyonikezela ngokudla okunikelwe yinhlangano yosomabhizinisi abahlangani baseBallito namaphethelo.
Ukhoza uthi amakhansela kanye nalabo abasebenzisana nabo kufanele bathembeke uma bekhipha ukudla okunikeliwe kutholwe ngabafanele ukukuthola.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Omunye walab’osomabhizinisi abanikele ngokudla, uThobani Msimanga, usegqugquzela nabanye osomabhizinisi ukuba nabo baphonse itshe esivivaneni.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Bongani Gina