Ukhungathekile Umndeni Odilizelwe Umuzi E-PMB
Written by Mduduzi Phungula on 30 September, 2022
By: Nhlanhla Mbokazi
Umndeni wakwaKhumalo eMbali Unit BB, ePietermaritzburg, enkabeni yesifundazwe uthi usakhungathekile emva kokuthi umasipala uMsunduzi ubadilizele umuzi wabo.
Oyilunga lomndeni uSandile Khumalo uthi ubelele ephuma emsebenzini ngesikhathi ethola ucingo olumazisa ngokwenzekayo.
Ube esebuza kumphathi wonogoda incwadi egunyaza ukuthi kudilizwe umuzi wakhe kodwa wangayithola impendulo.
Ikhansela lakulendawo, uMphilisi Ndlovu uthi umphakathi waziswa ukuthi ungakhi kulendawo ngoba masipala unezinhlelo zokusebenzisa lomhlaba.