Ukhungathekile Umphakathi Kudutshulwa Abantu E-PMB

Written by on 11 July, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Umphakathi  waseSweetwaters, ePietermaritzburg, esigodini sakwa Nxamalala usathukile kulandela isigameko sokudutshulwa kwabantu  abangu-12 endaweni yokucima ukoma iSamkelisiwe Restuarant edume ngokuthi iseMjondolo.

Kulesgameko kushone abangu-4 kwathi abangu 8 baphuthunyiswa esibhedlela.

Umnini wendawo wendawo uPetros Mtambo uthi kufike amadoda amabili avulela ngenhlamvu  ebhekise kubantu abebephuza maqede bashaya bachitha ngemoto yohlobo lwe-VW Polo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthi kuvulwe amacala amanane okubulala nawokuzama ukubulala.

Kanti ekhuluma nezindaba zeGagasiFM amalungu omphakathi abekuyo lendawo athi beyaziwa njengendawo ephephile lapho umphakathi uhlala ngokukhululeka ngakho lesigameko siwashiye ekhungathekile.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background