uKoko Ubandakanya uRamaphosa Ezindabeni Zakwa Eskom kwiZondo Commission

Written by on 3 December, 2020

By: Lindelani Mbatha

Owayeyisikhulu esiphezulu kwaEskom uMatshela Koko uthi umengameli uCyril Ramaphosa ubegxambukela kakhulu kulenkampani ephakela ugesi ngesikhathi esangusekela mengameli.

uKoko ubethula ubufakazi phambi kwemishana kaZondo ephenya istate capture.

Wasula kulenkampani ngo 2018 kulandela ukusolwa ngokukhiphela abezindaba imininingwano ebucayi yalenkampani kanye nokukhohlisa iphalamende ngemali eyenziwa yilenkampani.

uKoko uthi usolwa ngenkohlakalo nje yingoba ubelwa kakhulu nezinkampani ebezikweleta uEskom enye yazo okuyi-Optimum coal mine, uRamaphosa owayengusihlalo wayo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background