uKoko Utshela uZondo Ezikabhoqo

Written by on 4 May, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Owayeyisikhulu esiphezulu sakwa Eskom, uMatshela Koko, usekhwele wadilika kwikhomishana kaZondo, eyisola ngokushaya indiva ubufakazi obuthile.

uKoko usecela usihlalo walekhomishana ephenya izinsolo zokudliwa kombuso u-Raymond Zondo,  ukuthi angagcini ngokuvumela abathile ukuba bazobeka uhlangothi lwabo, kodwa alandele ubufakazi.

Namuhla u-Koko ubuyele kule khomishana ukuzokwethula ubufakazi ngo Eskom kanye nobudlelwano nomndeni wakwaGupta.

Ngaphambi kokuthi athule ubufakazi bakhe, uKoko ubeke kanje ngokungenami kwakhe ngendela le khomishana eqhuba ngayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background