Ukubambisana Kwabendabuko Nohulumeni Kungathela Izithelo Ezinhle- Zikalala

Written by on 16 September, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wakwaCogta esifundazweni saKwaZulu-Natal, uSihle Zikalala uthi kubalulekile ukuthi kube nokusebenzisana phakathi kukahulumeni kanjalo nabaholi bendabuko.

UZikalala ubekhuluma nezimeya kanjalo nezikhulu zomasipala emhlanganweni obanjelwe eThekwini.

Sekukaningi ubuholi bendabuko bukhala ngokungahlonishwa njengabaholi bezombusazwe uma kunemihlangano komasipala.

Bakhala ngokuthi esikhathini esiningi bashiwa ngaphandle uma kunezinhlelo zentuthuko.

UZikalala uthi abaholi bezepolitiki kuningi abangakuzuza kubaholi bendabuko kanjalo nabendabuko bangazuza lukhulu kubaholi bepolitiki.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background