Ukunqanyulwa Kukagesi Kuhlalise Amaphoyisa Lubhojozi
Written by Mfundo on 5 July, 2022
By: Dawud Phungula
Inyunyana yamaphoyisa iSouth African Police Union (SAPU) ithi ukunqanyulwa kukagesi kuphazamisa ukusebenza kwabakwasidlodlo kuphinde kudale umphakathi ungakwazi ukuthola usizo uma uhlaselwa.
Okhulumela lenyunyana, uLesiba Thobagale, uthi inqwaba yezikhungo zamaphoyisa azinawo amaJeneretha okudala ukuthi abasebenzi bahlale lubhojozi ngoba besaba ukuhlaselwa izigebengu.
Kwezinye izikhungo umphakathi awukwazi ukufonela amaphoyisa uma kunqanyulwe ugesi.
Kuzohumbuleka ukuthi inkampani kahulumeni ephakela lelizwe ngogesi u-Eskom isanda kumemezela ukuthi ukunqanyulwa kukagesi izikhawu iLoadshedding kuzoqhubeka ngaphansi kwesigaba sesithupha.
Kulindeleke ukuthi ukunqanyulwa kukagesi kufakwe ngaphansi kwezigaba ezahlukene ngokuqhubeka kwesonto.
UThobagale uyachaza.