Ukuqagula Kuphelile Ngo-Zwakele Mncwango

Written by on 17 October, 2022

By: Xolani Khumalo

I-ActionSA seyethule owayengumholi we-Democratic Alliance Kwa-Zulu Natal, uZwakele Mncwango njengosihlalo omusha walenhlangano.

UMncwango uvala isikhala isikhala esishiywe uMakhosi Khoza, owaxoshwa emva kokusolwa ngokusebenzisana ne-African National Congress eThekwini emva kokhetho lohulumeni basekhaya langonyaka odlule.

Lomholi usule isigubhukane ngesonto eledlule njengosotshebhu we-DA esishayamthetho, wabeka izizathu zokuthi lenhlangano ayikwazi ukusebenzisana namanye amaqembu, izibona ingusomaqhuzu njalo uma kuthathwa izinqumo nokunye.

UMncwango uthi mkhulu umsebenzi azowenza ekukhuliseni amaziko eActionSA, eKZN.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background