Ukusebenzisa imask eyodwa nishintshana ngayo kuyingozi

Written by on 14 May, 2020

Usekela meya kamasipala wesifunda uMgungundlovu, uSibongile Mabaso, usegxeke isenzo athi senziwa ezinye zezitolo ezidayisa ukudla osekutholakale ukuthi ziqashisa ngezifonyo kubathengi.

UMabaso ukusho lokhu ngesikhathi evakashele iranki yamatekisi emgwaqeni uLangalibalele eMaritzburg lapho ekhuthaze khona abagibeli kanye nabashayeli ukuthi balandele yonke imigomo ebekiwe yokuvikela umphakathi kwi Covid-19.

Uqhuba ngokuthi ukusebenzisa imask eyodwa nishintshana ngayo kuyingozi futhi akuvumelekile ngoba kusabalalisa icoronavirus.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Nompendulo Ngubane


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background