Ukusetshenziswa Kwezinhlamvu Zenjoloba Sekufakelwe Izibuko
Written by Mfundo on 29 March, 2021
By: Sanelisiwe Dlangamandla
UNgqongqoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, uthi umthetho wokudubula abantu ngezinhlamvu zenjoloba uma bebhikisha usuyabhekisiswa, kulandela ukushona kuka Mthokozisi Ntumba.
UNtumba wadutshulwa ngamaphoyisa ngezinhlamvu zenjoloba, eziphumela emtholampilo eBraamfontein eGoli, mhla kubhikisha abafundi baseWits.
Ekuqaleni kwalenyanga umholi we EFF, uJulius Malema, wathi bafuna inkantolo yoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo esizokwenza ukusetshenziswa kwalezizinhlamvu kungabi semthethweni.
UCele uthi uma abantu bebhikisha basuke bekwenza lokhu ukuzwakalisa ulaka labo.
Uqhuba ngokuthi kumele kukhumbuleke ukuthi abantu banalo ilungelo lokubhikisha.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.