Ukutatshwa kwezitolo Kushiye Abakhubazekile Osizini
Written by Mfundo on 2 August, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Inhlangano yabaphila nokukhubazeka iProudly Able eMgungundlovu, ithi nayo ikhahlamezekile ngezenzo zasemasontweni edlule, zokutatshwa kokudla ezitolo.
Lenhlangano ithi ezinye zezitolo ezebelwe impahla zacekelwa phansi beziyixhasa ngokudla, ukuphakela inqwaba yabantwana abahlwempu.
Iqhuba ngokuthi kumanje baningi abantu abakhubazekile abasenkingeni yokuthi abanazo izindawo lapho bezolanda khona imishanguzo yabo yezifo ezahlukahlukene, njengoba nazo zigqekeziwe ezinye zashiswa.
Intatheli yezindaba zeGagasi FM, uNompendulo Ngubane uyabika:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.