Ukwehla Kwezibalo zeCOVID-19 Akusholutho – Ongoti

Written by on 28 July, 2021

By: Zilungile Mkhize

Isikhungo esicwaninga ngezifo ezithathelanayo iNICD sithi izibalo eziphansi ezibonakala ezweni zabantu abahaqwe yiCOVID-19, akumele zithathwe njengezinkomba zokuthi iyanqotshwa impi ebhekene nalolubhubhane, kodwa yingoba ehlile amazinga okuhlolela leligciwane.

Ezibalweni zakamuva ze COVID-19, iNICD ithi abantu abahloliwe okutholakale ukuthi bane Coronavirus bangu 7733.

Lesikhungo sithi imikhankaso yokuphuma kungenwa emphakathini kuyohlolwa izakhamuzi kanye nalabo abasondelene nabantu osekutholakale ukuthi bayagula, ayisenzeki.

Sithi lokhu kungenye yezimbangela ezenza kubukeke sengathi izibalo zehlile.

Khonamanjalo, usolwazi kwezempilo nangezifo ezithathelanayo uJoe Barnes, uthi abantu akumele bathathe okushiwoyo ngezibalo bazitshele ukuthi impi isinqotshiwe ngoba akunjalo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background