Kuyihlazo Ukweqa Kuka-Bester Ejele – Nomvula Mokonyane

Written by on 10 April, 2023

By: Lindelani Mbatha

UNobhalala Jikelele wokuqala ku-African National Congress, uNomvula Mokonyane, uthi isigameko sokweqa ejele kukambulali uThabo Bester siyishwa futhi senza izwe ihlaya.

UBester nobedlwengula ephindelela weqa ejele lakuleli ngonyaka owedlule emvakwemibiko yokuthi ushe wangqonqa lapho ebegcinwe khona kodwa muva nje wabe esebonakala ezithengela kwesinye sezitolo zokudla eGoli.

Uboshiwe eTanzania kanye nomlingani wakhe uNandipha Magudumana kanye nomunye okukholakala ukuthi ubebasiza waseMozambique.

Kulindeleke ukuthi abuyiswe kuleli noma yinini njengoba ithimba lezikhulu eziphezulu emaphoyiseni sezihambile ukuyomlanda.

UMokonyane uthi kuningi okumele kuphenywe ngokweqa kwalomgulukudu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background