UMabe Ukhuza Ukuziphatha Kwamalungu Esigungu Esiphezulu

Written by on 18 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

I-ANC ithi amalungu alenhlangano aphezulu kufanele aziphathe ngenhlonipho nangendlela efundisa abantu abasha, indlela elungile yokuziphatha nokulandela imigomo.

Okhulumela iANC, uPule Mabe, uthi imithetho nemigomo eyathathwa engqungqutheleni yelenhlangano eNasrec ngo-2017, kufanele ihlonishwe futhi ilandelwe ngendlela efanele njengoba kwavunyelwana.

Ukuphawula kwakhe kulandela izinkulumo ezenziwe ngamanye amalungu esigungu esiphezulu salenhlangano, ngaphandle kwenkantolo yamajaji eMgungundlovu izolo, abezokweseka lowo owayengumengameli we-ANC, uJacob Zuma.

UMabe usetshele abezokusakaza kuleli ukuthi ezinye zalezinkulumo ziyashayisana nendlela yokuziphatha ekumele ilandelwe amalungu kakhongolose.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background