UMagashule Wale Waphetha Ngokuphumela Obala Ngekusasa Lakhe NoKhongolose

Written by on 5 May, 2023

By: Bright Ntuli

OwayenguNobhala Jikelele we-African National Congress, uAce Magashule, usengene ezintangeni ngenkathi ebuzwa ngemibiko yokuthi angase ajoyine elinye iqembu lezepolitiki kumbe asungule elakhe.

UMagashule ubexoxisana nezintatheli ngaphandle kwenkantolo kamantshi eBloemfontein eFreestate lapho ebevele khona mayelana nezinsolo zenkohlakalo.

Lezinsolo zimayelana nethenda yokushintshwa kophahla lwezindlu ezazi ne-asbestos esifundazweni sase Free State ngeskhathi esanguNdunankulu wakhona.

Ekhuluma nabezindaba uMagashule usengene waphuma ezintangeni mayelana nokuthi kungenzeka yini ayishiye i-ANC ukuyojonina elinye iqembu.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background