uMaimane uthi uzoqhubeka nokulwela iningizimu yawo wonke umuntu

Written by on 24 October, 2019

By: Lindelani Mbatha

 

Obengumholi weDA, uMmusi Maimane, uthi usule esikhundleni sokuhola leliqembu ngoba ebona ukuthi ngeke likwazi ukubumba iNingizimu Africa yawo wonke umuntu.

uMaimane ubekhuluma esithangamini sabezindaba ebesilindwe ngabomvu eGoli.

Lenhlangano esontweni elilondwa isilahlekelwe ngabaholi abathathu okungumeya waseGoli uHerman Mashaba, uMaimane kanye nobengusihlalo walenhlangano uAthol Trollip.

uMaimane uthi nokho usafuna ukuqhubeka nokulwela ubumbano kuleli.

Listen here:


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background