UMalema Akayingeni EkaTeffo
Written by Mfundo on 15 July, 2022
By: Sithulile Mdletshe
Umholi weqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, uthi akanalo noluncane uzwelo ngalokhu okwenzeka ku-Advocate Malesela Teffo.
Lokhukuza emva kokuthi uTeffo ememezele ukuthi uyahoxa ukumela abasolwa abane ecaleni lokubulawa kukaloyo owayengunozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa .
Utshele iNkantolo eNkulu yase-North Gauteng, ePitoli ukuthi sekube khona ukusongelwa kwempilo yakhe selokhu wathatha isnqumo sokumela labasolwa.
UMalema uthi uTeffo uvuna akutshalile ngoba kwasekuqaleni akakaze abe umuntu ozihloniphayo futhi nomthetho wenkantolo ubengawuhloniphi.