uMalema Udinwe Wabiza Amaphoyisa Ngeziqhaza

Written by on 10 March, 2021

By: Zilungile Mkhize & Lindelani Mbatha

Umholi weEFF uJulius Malema uthi ukhathazekile ukuthi amaphoyisa asaphatha abantu abamnyama ngendlela ababephethwe ngayo ngezikhathi zobandlululo.

uMalema ubekhuluma nabezindaba njengoba bekuqhubeka icala lokushaya iphoyisa abhekene nalo enkantolo yaseRandburg.

Ukhuluma kanjena nje, kunamaphoyisa asesolwa ngokudubula abulale umlisa obezihambela ngesikhathi abafundi benyuvesi iWits bebhikisha ngoLwesithathu ekuseni.

Lomlisa oneminyaka engu-35 ubudala osekuvele ukuthi ubephuma kadokotela, udubuleke washona ngesikhathi amaphoyisa evulela ngezinhlamvu zenjoloba kubafundi abebebhikisha, yize ezamile ukuchaza ukuthi akasiye umfundi.

uMalema uthi kuyakhathaza ukuthi amaphoyisa asabona abantu abamnyama njengabantu okumele njalo babesezinhlungwini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, isikhungo, iWits University, sesidlulise amazwi enduduzo emndenini wolomlisa.

Okhulumela iWits uSharona Patel, uthi badumele ngalesigameko, enxusa abafundi ukuthi behlise umoya.

UPatel uthi benza konke okusemandleni ukuthola isisombululo kulenkinga ekhona yezimali zokufunda.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background