U-Malema Ugadla ku-Ramaphosa

Written by on 17 June, 2021

By: Bongani Gina

Umholi we-EFF, uJulius Malema, uthi akekho umuntu okufanele alalele uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa kuze kube ulethela abantu bakuleli imigomo eyanele yeCOVID-19.

Ekhuluma ngaphandle kwesikole esesisolwe ngokubandlulula abafundi abansundu i-Uitsig High School eCenturion eGauteng, uMalema uthi uRamaphosa umatasa nemithetho yokunqanda ukubhebhetheka lwaleligcine kodwa into ezosiza, nokuyimigomo eyanele izakhamuzi akathi vu ngayo.

uMalema uthi umengameli uyena oyeke ngamabomu ukuthenga imigomo ye COVID-19 e-Russia nase-China kunalokho ujaha ukuthenga eyimkokotelo e-India nase Melika.

Uthi konke akushoyo ngeke kusize muntu uma engakayikhathaleli impilo yabantu kunokwenza inzuzo nokucebisa abathize entshonalanga.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background