UMalema Ukhuza Abadilika ISilo

Written by on 15 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umholi we EFF, uJulius Malema, usenxuse izakhamuzi kuzwelonke ukuba zikubeke eceleni okwesikhashana ubuzwe, amasiko kanye nezinkolelo zabo, kodwa zikhumbule izimfundiso ezinhle neziyalo zeSilo, uGoodwill Zwelini KaBhekuzulu.

UMalema uthi isigungu esiphezulu seqembu lakhe sizolibangisa KwaNongoma namhlanje, ukuyodlulisa amazwi enduduzo nokuzithoba kwabo emndenini wasebukhosini bakwaZulu.

Uthi amagalelo nobuholi beSilo kwabonakala kakhulu ngeminyaka yango 1990 kunqandwa udlame olwaludla lubi kulesifundazwe i-KZN.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background