UMalema usasichitha namanje isqumo sokuvulwa kwezikole

Written by on 17 June, 2020

Umholi weEFF, uJulius Malema, uthi uhulumeni ubeka impilo yothisha nabafundi engcupheni ngokuvumela ukuvulwa kwezikole ekubeni sisalokhu sinyuke njalo isibalo sabatheleleka ngecoronavirus.

UMalema usho lokhu ngesikhathi edlulisa umbiko wakhe wokubungaza usuku lwabasha obelubungazwa izwe lonke.

Uthi bona abakaze kwasekuqaleni basisekela isinqumo sokuvulwa kwezikole.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

UMalema uthi ngokuhamba kwesikhathi kuzoba nokukhala okukhulu ngalesi sinqumo kanti kuyodingeka ukuba umengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, kube nguyena ophendulayo.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By:Bongani Gina


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background