UMalema Uthi Bawulindele Ngabomvu Owokugcotshwa Kwesilo

Written by on 25 October, 2022

By: Bright Ntuli

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, uthi inhlangano yakhe iweseka ngokuphelele umcimbi wokugcotshwa nguhulumeni kweSilo uMisuzulu ka Zwelithini.

UMalema uthi lomcimbi ozoba ngoMgqibelo eMoses Mabhida eThekwini akuwona oweANC, i-IFP kumbe amaZulu kuphela kodwa owawo wonke umuntu.

Kuzokhumbuleka ukuthi ibamba bukhosi eselakhothama indlunkulu, uMantfombi Dlamini-Zulu, wayengowasebukhosini baseSwatini nokulindelele ukuthi nabo bube yingxenye yalomcimbi.

UMalema uthi lomcimbi kumele uhlanganise izizwe kanye nendlunkulu yaKwaZulu imbala.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background