uMalema uthi ubuholi bomuntu osemdala njengo Zuma angeke bulethe ubumbano kwabampisholo.
Written by Phakeme Mnguni on 26 August, 2024
By: Bright Ntuli
Umholi we Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema uthi ukubumbana kwabantu abamnyama kungasiza kakhulu ukuguqula isimo sokungalingani ngokwebala kulelizwe.
Uthi kodwa ngeke lokhu kwenzeke ngaphansi kobuholi bomuntu osemdala njengomholi we MK Party u Jacob Zuma.
Lenkulumo ka Malema ilandela ikhwelo lika Zuma ngesonto eledlule lapho aveza khona ukuthi ukungalingani kwezomnotho phakathi kwabamhlophe nabansundu kungaphela uma nje indlu emnyama ingaba yimbumba, nathi ke kuyinhloso yeqembu lakhe.
U Malema ke osanda kushiywa ngobeyisekela kwi EFF, nowamlekelela ukusungula leliqembu uFloyd Shivambu uthi yebo ubumbano luyadingeka kodwa ludinga ukuholwa ngabantu abasha njengabo.