UMalema Uthi UNgqongqoshe Kagesi Akayazi Neze Into Abhekene Nayo

Written by on 15 May, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Umholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, uthi sekusele kancane lelizwe libhekane nokuthi kube mnyama bhuqe.

UMalema uthi ayikaze kwasekuqaleni i-EFF ihambisane nokuqashwa kukaNgqongqoshe wagesi uKgosietso Ramokgopa ngoba kusobala akayazi naye into abhekene nayo kwa-Eskom

I-EFF ibambe isithangami nabezindaba emva komhlangano ebikade ibe nawo we Central Command Meeting obubanjwe ngempelaviki

Uthi bakubona kuyisisombululo ukuthi kulandwe zona lezi zikhulu zangaphambilini ezifana noMatshela Koko ngoba yize kwakunezinkinga kodwa ke ukunqamuka kukagesi akukaze kube kuleli zinga.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background