UMalema Uthinta Elomhlaba ENdlunkulu

Written by on 16 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umholi we EFF, uJulius Malema, usephonse inselelo kumndeni wonke wobukhosi bakwaZulu, ikakhulu amazinyane eSilo esesikhotheme, ukuthi uhambe ezinyathelweni zikaNgangezwelakhe khona imisebenzi yakhe ingeke ibe yizeleze.

uMalema usho kanjena ekhuluma nabezindaba ngesikhathi esephuma ngaphakathi esigodlweni sesilo, ukuyobhong’emswaneni Kwakhethomthandayo KwaNongoma, enyakatho yesifundazwe.

Uthi useke waxoxa neSilo izikhathi eziningana mayelana nodaba lomhlaba nokubaluleka kokuba abantu abamnyama babe nomhlaba wabo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

uMalema uthi ubukhosi bakwaZulu kumele buvikele umhlaba wawo nokuhlonipheka kwendlu yamaZulu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background