uMantashe Uthi Iqembu Lisalandela Imigudu Ngele-Step Aside

Written by on 3 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

USihlalo we-ANC kuzwelonke, uGwede Mantashe, uthi umnqamulajuqu ka Step Aside, obhekene namalungu alenhlangano asolwa ngenkohlakalo namanye amacala abucayi, awufikanga nje wadlula.

UMantashe uphawula kanjena nje ekhuluma neNewzroom Afrika, ngamanye amalungu kaKhongolose athintekayo kulo Step Aside, nokubalwa uNobhala-Jikelele u-Ace Magashule, abenikezwe izinsuku ezingu-30 ukuthi ahoxe emisebenzini yawo yenhlangano.

Akukocaci ukuthi ukhonake yini useshenxele nganxanye njengoba noMagashule esaphansi phezulu edingida loludaba nabaholi be ANC abadala, okubalwa nababengomengameli uThabo Mbeki noKgalema Motlanthe.

UMantashe uthi ziningi izinto ezilandelwayo ezinhlanganweni uma kungena izinqumo ezintsha.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background