UMasipala Uhlongoza Ukunqamula Ugesi ePMB

Written by on 14 April, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Usekela meya kamasipala uMsunduzi uMxolisi Mkhize usenxuse izakhamuzi zase Mgungundlovu ukuthi zihlukane nesenzo sokuntshontsha ugesi ngenxa yokuthi lokhu kubeka izimpilo zabantu engcupheni.

U-Mkhize usho lokhu ngesikhathi evakashele imindeni ebe yizisulu zezikhukhula endaweni yase Northdale, emijondolo eCrest Place, nalapho efike wathola ukuthi ugesi uxhunywe ngokungekho emthethweni. Kuphinde kwatholakala nempahla kamasipala eqondene nogesi kwenye yezindlu kule ndawo, nokusolwa ukuthi yebiwe.

Egxeka lesenzo uMkhize uthi umasipala ulahlekelwa izigidi zemali ngenxa yokwebiwa kuka gesi kanti futhi iningi imali emoshekayo lapho kusuke kuntshontshwa amakhebuli kagesi.

Uqhuba ngokuthi yize umasipala uze kulo mphakathi ngokuzobheka umonakalo odalwe izimvula kodwa bazothatha izinyathelo ngokuthola ukuthi lendawo ixhume ugesi ngokungekho emthethweni.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background