UMasipala Umhlabuyalingana Uhlaba Uhlikiza iPens Down

Written by on 9 December, 2020

By: Mthokozisi Manqele

Imeya KaMasipala Umhlabuyalingana enyakatho yeKZN uNkululeko Mthethwa, ithi sebeqinise imithetho ezovimbela izingane zesikole ezizobe seziqede ukubhala, ukuba zingayenzi imicimbi yokujabulela ukuqeda isikole.

Uthi lokhu bakwenza ngoba bezama ukugwema ukusabalala kwe COVID-19.

Lesinyathelo silandela imibiko yokuhaqeka kwentsha eningi engabafundi yilolubhubhane kulandela umcimbi wokuqeda ukubhala iRage.

UMthethwa uthi sebetshale amaphoyisa namavolontiya ukubaqapha wonke amabhishi aKwaMhlabuyalingana.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background