UMasipala UMngeni Wethule Intuthuko Entsha

Written by on 10 June, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Imeya kamasipala uMngeni ngaphandle kwaseMgungundlovu, uSizwe Sokhela, uthi yonke intuthuko elethwe ngokusemthethweni emphakathini wase Howick kube yileyo efunwe umphakathi.

uSokhela kanye no Ngqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal uSipho Hlomuka bahambele amawadi ahlukene akulendawo, lapho bevule khona ngokusemthethweni izingqalasizinda ezahlukene.

Lezingqala sizinda kubalwa kuzo umgwaqo, amahholo omphakathi amabil kanye nesikhungo samakhono.

USokhela uthi lengqasizinda sezikulungele ukusetshenziswa umphakathi.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Amalungu akulomphakathi athi ukuhamba izindlela ezinde sekuyiphupho kubona njengoba kuvulwe ngokusemthethweni ihholo lo mphakathi eliphinda libe isikhungo ekwenziwa kuso izinto ezahlukene.

Lamalungu ekhuluma nezindaba zeGagasi FM asho kanje,

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo u-Hlomuka uthi uma kusaqhubeka nokuba nezinselelo komasipala bakulesifundazwe, umnyango wakhe uzoqhubeka nokungenelela.

Uqhuba ngokuthi enye yezimbangela zalezinselelo ukungabi khona kozinzo lwezepolitiki, ukusetshenziswa ngokungafanele kwemali kamasipala kanye nokucekelwa phansi kwengqalasizinda.

 

 

ISITHOMBE: Elinye lamahholo omphakathi akade ethulwa ungqongqoshe neMeya.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background