UMasipala Uphawula Ngoluka Petrol

Written by on 17 April, 2022

By: Bongani Gina

Umasipala weTheku uthi phansi amaphaphu namatata kubashayeli KwaZulu-Natal ngodaba lokungatholakali kuka-petrol kwamanye amagaraji.

Ezinsukwini ezidlule kuke kwaphazamiseka ukuthuthwa nokulethwa kuka-petrol nodizili emagaraji amaningi ezingxenyeni eziningi zesifundazwe, kulandela ukukhukhuleka kwemigwaqo ebiyenza kube nzima ukuhamba kwamatruck athwala upetrol.

Isitatimende esesikhishwe umaspala weTheku sithi sebeyenzile indlela yokuthi amaloli aqhubeke nokusebenza nanokuthutha upetrol ngendlela, ngakho angeke isaba khona inkinga yokushoda.

Khonamanjalo, ungqongqoshe wezokuthutha kuzwelonke uFikile Mbalula obehambele lesifundazwe eThekwini, uthi mningi omonakalo odalekile emigwaqeni kodwa umnyango wakhe uzibophezela ngokusebenzisana nohulumeni wase-KZN ukuwulungisa.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background