UMasipala Uthembisa Ukuhola Ngobuqotho
Written by Mfundo on 30 November, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Osebekwe njengo Somlomo kumasipala wesifunda UMgungundlovu uNonhlanhla Gabela, uthi bazokuqinisekisa ukuthi iminyango yabo ihlezi ivulekile kwizakhamuzi ukuze nazo zibe yingxenye ekusebenzeni kwalomasipala.
U-Gabela okade enguSomlomo kumasipala wesifunda UMshwati, useqokwe njengo somlomo nalapho ethole khona amavoti angu-27, ehlula uNomathemba Phungula ophakanyiswe iqembu le-DA, othole amavoti angu-20.
USomlomo uqhuba uthi bazoqhubeka nokusebenza ngaphansi kuka hulumeni ongacwasi ngokobulili, ubuhlanga kanti futhi nemiphakathi yasemakhaya nayo ngeke ize isale ngaphandle ngokwezidingo zentuthuko, nokuyiyona into eseqhulwini kumasipala.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.