uMasipala Uxwayisa Izixhwanguxhwangu Eziphazamisa Ukusebenza

Written by on 9 February, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umasipala weTheku uthi ukhathazekile ngalabo abaphazamisa ukuthuthwa kwemfuncuza emlazi eningizimu yalelidolobha.

Abasebenzi balomkhandlu baphazamisekile emvakokuba kuqamuke iqeqebane labantu labasabisa, laphinde labayalela ukuthi bashiyephansi umsebenzi kuze kube lihlangana naholi bomasipala.

Ukuthuthwa kwemfuncuza kulelilokishi naphambilini kuke kwaphazamiseka ngesikhathi inhlangano eyaziwa ngaMadela Ngokubona befuna ukuhlomula nabo, kumathenda yokuthuthwa kwemfucuza kanye nawezokwakha.

Lethenda kuzokhumbuleka ukuthi kukekwasoleka inkohlakalo ka-R430 million wamarandi okwasolwa ukuthi kwahlomula kuyo lona owayeyimeya yalomkhandlu uZandile Gumede.

uGumede ungaphandle ngebheyili kaR50 000 wamrandi.

Oyisikhulumi somasipala weTheku uMsawakhe Mayisela uthi bakhathazekile yilesisigameko, esiphazama ukulethwa kwazidingo kubahlali.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background