UMasipala Uzowakha Izindlu Zomxhaso Ezintsha

Written by on 22 June, 2021

By: Bongani Gina

IMeya kamasipala uMhlathuze, uMduduzi Mhlongo uthi seluqalile uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zemixhaso, kwakhelwa labo abadla imbuya ngothi.

U-Mhlongo uthi loluhlelo olukhulukazi luhlose ukwakha izindlu zemixhaso ezingu 10 000.

Uthi lezizindlu esezibize umasipala izigidi zamarandi zizohlomulwa imindeni engaphansi kwalomkhandlu, eziyidinga kakhulu

Ethula ezinye zezingqalasizinda eNseleni, uMhlongo ubeka kanje,

 

Khonamanjalo, uSomlomo walomasipala uSilondile Mkhize uthi ibukeka ingaze iphele ngonyaka ozayo inkinga yesiminyaminya emgwaqeni omkhulu ongenela elokishini eSikhaleni.

U-Mkhize uthi ukwakhiwa kwalo mgwaqo ongenelela ngasenxanxatheleni yezitolo sekuthathe iminyaka ngenxa yezinkinga ebezikhona.

Phakathi kwezinkinga ezibambezele lokuhlelo kubalwa inselelo yokususa nokuqhelisa abahlali abakhe eduze komgwaqo kanye nosomabhizinisi.

UMkhize uyenaba,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background