UMasipala waseMkhanyakude nowaseNquthu Ehlazweni
Written by Mfundo on 27 January, 2021
By: Bongani Gina
Ikhabhinethi yakwaZulu-Natal iholwa ngundunankulu wakulesifundazwe uSihle Zikalala isithathe isinqumo sokufaka umaspala waseMkhanyakude nowaseNquthu ngaphansi kweso lomlawuli.
Lesi sinqumo sesimenyezelwe yihhovisi likandunankulu kulandela ukuhlangana kwekhabhinethi okokuqala kulonyaka.
Isitatimende esikhishwe yihhovisi likaZikalala sithi ikhabhinethi isebenzise uSection 139 womthethosisekelo ukuphuca labomaspala bobabili amandla okuziphatha nokuzilawula.
Sithi lesi sinqumo sithathwe kulandela ukwanda kwezinkinga zokungaboni ngasolinye komkhandlu eMkhanyakude kulandela ukuhluleka kwalomkhandlu ukubamba imihlangano emithathu izikhathi zilandelana.
Kanti futhi lo mkhandlu ubhekene nezinsolo zenkohlakalo, ukukhwatshaniswa kwemali, kanye nokuhluleka ukulandela izincomo zophenyo olwabe luqhubeka khona eMkhanyakude.
eNquthu khona lesi sinqumo sokufaka umlawuli silandela ukuhluleka kwalompaspala ukuqhuba uphenyo lwangaphakathi ngezinsolo zokusebenzisa imali budengudengu, ukubantekenteke komaspala kulandela ukusula kweMayor yawo ngonyaka owedlule kanye nokuqokwa kweMayor entsha ngokungemthetho.