uMasipala Wethule Isikhungo Sezobuchwepheshe eHammarsdale

Written by on 5 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umeya womasipala weTheku, uMxolisi Kaunda, uthi unethemba lokuthi isikhungo iHuman Capital Centre of Excellence, sizosiza kakhulu abantu abasha.

uKaunda uvule ngokusemthethweni lesisikhungo namhlanje, eMpumalanga, eHammarsdale entshonalanga yetheku.

Uthi kuhloswe ngaso ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi uyasizakala ngokuba nezobucwepheshe eduze.

Umasipala ufake imali engaphezu kwa R4.5 million, ngonyaka wezezimali owedlule, ukwakha lezizikhungo kanti uthi usazophinde uphonse omunye u R1.9 million ukwakha ezinye ezingu-4.

uKaunda uqhuba ngokuthi lesisikhungo sizoshintsha kakhulu impilo yabantu baseHammarsdale.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background