UMaspala WaseDanhauser Ufuna Ukuvuselela Ubudlelwane Bezimayini Nomphakathi

Written by on 21 October, 2022

By: Xolani Khumalo

UMaspala wase-Dannhauser ubambe umhlangano obalulekile osezingeni eliphezulu nomnyango wezokuMbiwa phansi neZamandla.

Lomhlangano wezinsuku ezimbili nophela namhlanje uhlanganisa izinhlaka ezahlukene zomphakathi okubalwa kuzo, amakhansela, abamele ama-Forum, abaphathi bezimayini zakuleya ndawo kanye neziphathimandla zawo loMaspala.

Inhloso yawo ukuzoba nezingxoxo zokuthi kusungulwe inkundla i-Danhausser Mining Forum yokuphefumula kwamalunga omphakathi akhelene nezimayini kanye nokunye.

Lokhu landela izikhalazo esezike zabakhona phambilini ebezivela kumalunga omphakathi angagculisekile ngenhlalo yawo njengoba akhelene nezimayini.

Oyimenenja kaMaspala uShaka Cele uthi unethemba manje lokuthi ubudlelwane obesebulimele bomphakathi uMaspala nezimayini buzokwakheka kabusha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background