UMbalula Ushiye Angalazi Kwabakwa-Prasa

Written by on 26 July, 2022

By: Xolani Khumalo

UNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uFikile Mbalula, usekhwele wadilika kwiziphathi-mandla zakwa-Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA) ngakubiza ngokuhluleka ukwenza umsebenzi ngendlela.

UMbalula uthi banamaqhinga amaningi angasisizi ngalutho lesiskhungo.

Usehambele idolobha iKapa, ukuyobheka ukuthi izinto zihamba ngononina yini njengoba kuvulwe eminye yemizila yokuhamba izitimela ebese kuphele iminyaka emibili ivaliwe.

Ukusebenza kwezitimela kwamiswa ngenxa yokucekeleka phansi kwemizila ngonyaka ka-2019, kanye nokuntshontshwa kwezinye zezinsiza kusebenza ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yobhubhane leCOVID-19.

UMbalula usetshele izikhulu zakwa-Prasa ukuthi zikhuphule amasokisi,  noma zibone ezize ngayo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background