UMbalula Uthembisa Ushintsho Ezitimeleni

Written by on 24 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wezokuthutha, uFikile Mbalula, uthi uzobhekana ngqo nalabo abazophazamisa ukulungiswa kwezitimela kanye nemizila yazo.

uMbalula ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi ehlola umonakalo owenzeke emizileni nasemabhilidini akwa-Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA).

Njengoba iNingizimu Africa ihlaselwe wubhubhane lwe-COVID-19, izitimela zisamisiwe ukuba zisebenze ngenxa yokuthi uhulumeni wesabela ukuthi zizobhebhethekisa leligciwane.

Ojantshi abaningi bacekeleke phansi, kwantshontshwa nezinsimbi kanjalo nothayela abafulele amahhovisi alenkampani.

uMbalula uthi kuzothi kushaya uMashi wangonyaka ozayo ube usulungisiwe wonke umonakalo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background