UMbalula Uthi Akasoze Anaka Osomathuba Abazama Ukungcolisa Igama Lakhe

Written by on 29 June, 2023

By: Sthulile Mdlesthe

UNobhala Jikelele we-African National Congress (ANC), u-Fikile Mbalula, usezichithile izinsolo zokuthi wahlomula ngemali ngokungemthetho kwa-National Lotteries Commission.

Lokhu kuvezwe unkosikazi kalowo owayeyisikhulu esiphezulu kwaNational Lotteries Commission uPhilemon Letwaba, u-Molomane Letwaba, ukuthi uMbalula nowayesenguNgqongqoshe wezeMidlalo ngaleso sikhathi,
wathola u-R3-million.

Kuzokhumbuleka ukuti uLetwaba wasula emva kophenyo lweSpecial Investigating Unit olwaveza ukuthi kunezigidi zamaRandi ezakhwabaniswa kulesikhungo.

UMbalula usephike wema ngentaba, ethi kwayena uLetwaba akamazi nokumazi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background