UMbalula Uthi Kumele Zilunge Izinkinga Zakwa-PRASA

Written by on 3 October, 2022

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe Wezokuthutha uFikile Mbalula uthi ngeke avumele muntu ukuthi amuphazamise ekuthuthukiseni nokuthi alungise isimo axazulule nezinkinga enkampanini yezitimela uPRASA kanye nasemigwaqeni yakuleli.

UMbalula usho kanjena evula ngokusemthethweni inyanga yeZokuthutha uOkthoba, ePitoli, namuhla.

Uthi uhulumeni uzama ngayo yonke indlela ukubuyisela izitimela ekusebenzeni njengakuqala ngaphambi kokubheduka kobhubhane i-COVID-19.

Izikhukhula ezagadla KwaZulu-Natal, Eastern Cape nakwezinye izindawo ngo April nonyaka, zashiya kuphuke imizila yezimela, nokusho ukuthi impahla kanye nokuhamba kwabantu ngalezithuthi kusamile namanje.

Uthi kulenyanga kaOkthoba ufuna ubonakale umsebenzi wabo, kungabi nje izingxoxo kuphela.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background