uMbalula uthi SACAA kumele ihleleke

Written by on 24 October, 2019

By: Lindelani Mbatha

 

Ungqongqoshe wezokuthutha, uFikile Mbalula, uthi kumele kubekhona ukuxhumana okuqondile uma inhlangano elawula ezezindiza iSouth African Civil Aviation Authority kuzobakhona amabhanoyi ezowamisa.

uMbalula ubekhuluma nabezindaba ngesimo samabhanoyi akuleli eGoli.

Ekuqaleni kwalelisonto iSACAA imise ukusebenza kwezindiza eOR Tambo emva kokukhipha umbiko wokuthi kukhona okungahanjiswanga kahle.

uMbalula uthi ukumisa ukusebenza kwezindiza kumele kuchazelwe abagibeli kahle ukuthi kuthinta impilo yabo.

Listen here:


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background