UMbalula uthi Zizokhala Kumalunga E-ANC Azenzela Umathanda
Written by Mduduzi Phungula on 20 December, 2022
By: Lindelani Mbatha
UNobhala jikelele we-African National Congress, uFikile Mabalula, uthi siphelile iskhathi sokuthi kube namalunga alenhlangano ayizidlobongela kanye nangalaleli imiyalelo yeqembu.
UMbalula ubekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zakhe kusuka manje kuyaphambili.
Kuzokhumbuleka ukuthi amalungu amahlanu e-ANC ephalamende eholwa nguNkosazane Dlamini Zuma ashaye indiva imiyalelo yeqembu ngesikhathi evotela ukuthi ungadluleli phambili umbiko wethimba lephalamende i-Section 89 eyayiphenya udaba oluthinta iPhala Phala.
I-ANC yayiyalele wonke amalungu ayo ukuthi angakuvoteli ukulalelwa kwalombiko walelithimba eliphenya ubuholi buka mengameli uCyril Ramaphosa.
UMbalula uthi isikhathi sokudlala siphelile manje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.