UMbalula Uxwayisa Abacekela Phansi i-ANC Ngegama Lika-Magashule

Written by on 19 June, 2023

By: Sthulile Mdletshe

UNobhala Jikelele we-African National Congress (ANC), U-Fikile Mbalula, uthi akubathusi ukubona ukuthi sekukhona osomathuba abasebenzisa ukuxoshwa kowayenguNobhala Jikelele we-ANC, u-Ace Magashule ukuqala imbhikisho.

Ngeledlule uMagashule uxoshwe ngokuphelele eqenjini le ANC kulandela ukuthi ehlulekile ukuzochazela ikomiti le-ANC eliqondisa ubugwegwe ukuthi kungani kumele angaxoshwa emva kokuthi ephule imigomo yenhlangano.

Ngempelasonto kusabalale ivideo yequlu labantu ebelishisa izikibha ezinemifanekiso ye-ANC nokuthiwa bukungabantu ababhikishela ukuxoshwa kuka Magashule.

UMbalula uthi uMagashule ukhethe ngamabomu ukungabambi iqhaza ekuqondisweni kwakhe izigwegwe kanti ke imibhikisho enjengale into abayilindele ikakhulukazi njengoba kulungiselwa ukhetho lukazwelonke lokukhetha uhulumeni omusha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background