Umbiko NgoMasipala UMgungundlovu
Written by Mfundo on 2 February, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Umasipala wesifunda uMgungundlovu uthi wanelisekile emva kokuthi umcwaningi mabhuku akhiphe umbiko oveza ukuthi lo masipala wenze kahle ekuphathweni kwezimali.
Imeya yalomasipala uMzi Zuma ithi zikhonake izinto okusamele umkhandlu ugxile kuzona ukuqinisekisa ukuthi ugcina uthole umbiko ongenagcobo ngokulandelayo.
U-Zuma uthi yize uMgungundlovu uthole i-Unqualified Audit, okuchaza ukuthi ukuphathwa kwezimali kulandelwe ngokomthetho, kodwa ukuqoqwa kwezimali zokulethwa kwezidingo ezifana namanzi emphakathini kuzomele umasipala unyuse amasokisi futhi ulungise njengo myalelo kamcwaningi mabhuku.
Echaza uZuma ngalokhu, uthi enye yezinselelo ababhekene nazo mayelana nokukhokhwa kwezikweletu zezidingo zomphakathi, kungenxa yezinga eliphezulu labantu abangasebenzi nokudala enkulu inkinga abazithola sebebhekene nayo njengo masipala.